Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UMcKENZIE UTHI ABANTU BANGALINGE BAMFANISE NOMAMA JOY

Posted on 17 October 2024

UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uGayton McKenzie uthi imali engu-R800 000 esetshenziswe ngohambo lwakhe lokuya kuma-Olympics eParis, eFrance ingaphakathi kwemigomo yemali okumele isetshenziswe ongqongqoshe.

Kube nezikhalo ngemali eningi esetshenziswe kulolu hambo.

UMcKenzie uthi umsebenzi wakhe wukuhambela imicimbi yezemidlalo kanti ukuhambela kwakhe ngeke kuqhathaniswe noSuperfan, uMama Joy.

Uthi, “Uyazi bengisematheni ngokuchitha imali, ngiya eParis. Ezinsukwini ezimbili ezedlule, kwadingeka ngiphendule ngibizwa ngokuthi ngiwu “Mr Joy Ride”… Ngaqale ngacasuka kakhulu ngoba babeqhathanisa nokuthi, ‘bathi ngisuse uMama Joy ngase ngizifaka esikhundleni sakhe. Ngathukuthela, ngase ngikhumbula ukuthi ngisebenzela uhulumeni, kufanele ngiphumele obala njalo ngezenzo zami. Angikwazi ukucasuka njalo uma abantu bengibuza ngemali yabo ngoba isenti lonke engilisebenzisayo ngelabantu.”

UMcKenzie uthi uhambele imihlangano eyisithupha ngaphambi kwama-Olympics.

“Okokuqala, uhambo lwami lokuqala njengoNgqongqoshe beluya kuma-Olympics. Ngafika sekusele isonto ukuthi kuqale ama-Olympics. Ngaya emihlanganweni eyisithupha ehlukene, ngahambela umhlangano nongqongqoshe base-Afrika, nongqongqoshe beCommonwealth, ngahambela umhlangano lapho ngangimele khona uNgqongqoshe Wezamaphoyisa, ngahambela umcimbi wokuvula.”

“Ngakho-ke ngaba nemihlangano eyisithupha okwakumele ngiye kuyo, manje ngaphambi komcimbi wokuvula, kwaqala umbhoxo kulabo abangazi, ngahamba ngayobuka i-Rugby yamaSevens. Kuthe uma kuqala ama-Olympics ngahlala eringini ukuze abasubathi bethu bathole umuntu obakhalelayo lapho,” engeza.

Recent Posts

  • UVELE ENKANTOLO OWESILISA OGWAZE WABULALA UGOGO WAKHE ONGABONI
  • AMA-2000 KUTHIWA YIWONA AHAMBA PHAMBILI NGOKUTHENGA IMIZI KULELI
  • KUSOLWA ABE X-REPO NGOKUSIZA OWAQOLA ISALUKAZI AYEQASHE EMZINI WASO
  • KUBOSHWE ABOKUFIKA BEBANJWA NEZITHUTHUTHU ZOKWEBIWA EGOLI
  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme