IMangosuthu University of Technology ithi ngeke ikwazi ukukhipha imininingwane ngophenyo lwayo mayelana nezinsolo zokuthi kukhona abasebenzi abathembisa abafundi amamaki amahle inqobo nje uma belala nabo. Ukuqinisekisile nokho ukuthi uthisha osaphenywa umisiwe ngemuva kukuvela kwezinsolo zokungaziphathi kahle.
Isitatimende se-MUT ngoLwesihlanu ekuseni silandela umbiko wephephandaba iDaily News mayelana nezinsolo zokuthi amamaki ayathengiswa ukuze bathole ucansi nemali.
Inqwaba yabafundi be-civil engineering kubikwa ukuthi bebeyizisulu zikalo thisha, inyuvesi ethi umiswe ekuqaleni kwenyanga kusalindwe imiphumela yophenyo.
Isikhungo sithi sikhathazekile ngabasebenzi abakhipha imininingwane kwabezindaba ngaphambi kwesikhathi.
Ithi ilugcinile lolu daba ukuze kunikezwe abangaba ofakazi ithuba lokuqhamuka nobufakazi.
I-MUT ithi izithathela phezulu izinsolo zokungaziphathi kahle futhi izohlinzeka ngemininingwane ngophenyo lwayo uma kufanele.