Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

LIHLEHLILE ICALA LOWESIMAME OSOLWA NGOKUTHENGELA INGANE YAKHE INKABI EMNAMBITHI

Posted on 22 October 2024

Lihlehlisiwe icala lowesifazane osolwa ngokwakha itulo lokusoconga ingane yakhe ayizalayo kubangwa amafa.

UNkosikazi Sindisiwe Ngema wasendaweni yasePhayikeni eMnambithi uvele kafushane namuhla enkantolo kaMantshi edolobheni eMnambithi ngecala lokuzama ukubulala uZanokuhle Sibeko nokuyingane yakhe. uNgema, ovele kanye nomlisa ogama lakhe kunguMduduzi Mbhele okuthiwa nguyena owathunywa ukuthelela uZanokuhle ushevu.

Kusolakala ukuthi lona wesifazane waqhasha uMbhele ukuthi adlise uZanokuhle ushevu nokuyinto uMbhele ayenza. Ngokwemibiko, kuthiwa uthuthuva lusuke ngesikhathi umsolwa ezwa ukuthi umama wakhe(okungugogo wesisulu) ongasekho emhlabeni, wabhala wonke amafa akhe egameni likaZanokuhle ekubeni yena wayebheke ukuthi kubhalwe yena njengomudli wamafa.

Kuthiwa uMbhele wahlasela uZanokuhle lapho ahlala khona maqede wamkhomba ngesibhamu maqede wamphoqa ukuthi adle ushevu ngenkani. Nagcina ekwenzile lokho uZanokuhle. Imibiko ithi uZanokuhle waphuthunyiswa esibhedlela emva kwaleso sigameko nokubikwa ukuthi welulama kahle emva kokugcinwa egumbini labagula kakhulu izinsuku ezimbalwa.

Namuhla bevela enkantolo abamangalelwa bethule abameli babo phambi kwenkantolo, icala libe selihlehliselwa umhla ziyi-29 nomhla ziyi kuMfumfu ngokwehlukana nokuyilapho kulindeleke ukuthi abasolwa bacele ibheyili.

Recent Posts

  • UVELE ENKANTOLO OWESILISA OGWAZE WABULALA UGOGO WAKHE ONGABONI
  • AMA-2000 KUTHIWA YIWONA AHAMBA PHAMBILI NGOKUTHENGA IMIZI KULELI
  • KUSOLWA ABE X-REPO NGOKUSIZA OWAQOLA ISALUKAZI AYEQASHE EMZINI WASO
  • KUBOSHWE ABOKUFIKA BEBANJWA NEZITHUTHUTHU ZOKWEBIWA EGOLI
  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme