Basale enkundleni abasolwa abathathu ngemuva kokudubulana namaphoyisa endaweni yaseCongo eNanda. Abesilisa abalinganiselwa eminyakeni engu 20 -30 abebefunelwa amacala okubulala okubalwa kuwo nokubulala iphoyisa ngonyaka owedlule badutshulwe bashona. Amaphoyisa agasele ekhaya lenyanga thizeni…
KUGWETSHWE UMLISA(38) OWADLWENGULA UMSHANA WAKHE ONEMINYAKA ENGU -11
Indoda eneminyaka engu-38 ubudala yaseTzaneen eyadlwengula umshana wayo oneminyaka engu-11 ubudala igwetshwe udilikajele. Isigwebo sikadilikajele sikhishwe yiNkantolo yesiFunda yaseTzaneen ngoMsombuluko, zingama-22 kuJulayi 2024 Umsolwa wenze lesi senzo phakathi kukaSepthemba 2021 noFebhuwari 2022…
AMAPHOYISA ASHAQE IZIMPAHLA ZOMGUNYATHI EZINGABIZA U-R8 MILLION
Kuleli sonto, Uphiko Lwempahla Yomgunyathi Kazwelonke ngokubambisana nabalingani balo bokulwa nobugebengu baqonde enxanxatheleni yezitolo kuPine Avenue eFordsburg bashaqa izimpahla zomgunyathi ezibiza ngaphezu kwezigidi ezingu-R8 kwaboshwa abasolwa abayi-18. Amaphoyisa ajoyinwe yizikhulu zeSouth African…
KUBOSHWE OWOMDABU WASEBRAZIL NGOKUSHUSHUMBISA IZIDAKAMIZWA KULELI
owomdabu waseBrazil, u-Risclif Tadue Ramos, 36, uvele eNkantolo yeMantshi yase-Kempton Park ngoMsombuluko, zingama-22 kuJulayi 2024, ngemuva kokuzama ukushushumbisa i-cocaine engu-4kg iyifihle emzimbeni. Amalungu ophiko lwezobunhloli olusebenza ngoKlebe oluse-East Rand athole ngomnyuzi wezidakamizwa…
IZINQUMO EZIZOTHATHWA ABAHOLI EMHLABENI ZIZONQUMA UKUTHI I-AIDS IYAPHELA NA NGO 2030 – UN
Inhlangano yeZizwe Ezihlangene ithi izinqumo ezithathwa ngabaholi bezepolitiki kulo nyaka zizothatha isinqumo sokuthi umgomo wokuqeda ingculazi njengosongo lwezempilo yomphakathi ngo-2030 ungafinyelelwa yini. Izibalo zikhombisa ukuthi ngonyaka odlule kwaqoshwa uR1.3 million ukutheleleka okusha….
ONOGADA BAPHAZAMISE UKUSEBENZA KUMASPALA E-INKOSI LANGALIBALELE
Kuphazakisekile ukusebenza emahhovisi kamasipala Inkosi Langalibalele ekuseni namuhla. Kubikwa ukuthi onogada abangeneme emva kokuphelelwa zinkontileka enkampanini ebibatshale kulomkhandullu bavuke bayoqhingqa ngaphandle kwalomkhandlu befuna ukubuyiselwa emsebenzini. Labonogada bakhala ngokuthi inkampani abebesebenza ngaphansi kwayo…
KUBOSHWE UMLISA(51) NGEZINSOLO ZOKUNOKUBEZA INTOMBI YAKHE
Amaphoyisa aseGaleshewe eKimberley abophe umsolwa wesilisa oneminyaka engu-51 ubudala ngezinsolo zokuthi ubambe intombi yakhe eyidlwengula ephindelela. Umsolwa kusolakala ukuthi wavalela intombi yakhe, 47, izinsuku ezimbili, wayishaya, wayikhipha izinwele wayidlwengula. Amaphoyisa athi umsolwa…
KUDLULE OYEDWA ILOLI LIBHODLOZA UDONGA LWENYE YAMAFEMU ETHEKWINI
Osebenza efemini usesimweni esibucayi esibhedlela kulandela ingozi enyantisayo edlule nemiphefumulo yozakwabo eWestmead, entshonalanga yeTheku. Iloli lezingodo libhodloze indawo engumngqengqema oluku-Monte Carlo Road ngoMsombuluko ntambama. Amaqembu abezimo eziphuthumayo athi amadoda amabili asebenza ngaphakathi…
UNGENE NGOKUSA UMPHAKATHI WASE MHLUMAYO UYOFUNA AMANZI NGAMABHARA EKHANSELENI
Umphakathi wase Mhlumayo obuthukuthele uhambele umuzi wekhansela ekuseni namuhla uyofuna ngo “dli” amanzi. Lomphakathi uthi kunini uncenga ufuna ukulethelwa amanzi, omununye walomphakathi uthi kwakuncono kabi ngaphambi kokhetho lwango 2021 ngoba babewathola noma…
INJABULO KUBAZALI BASE NQUTHU ABAFANA BEBUYA BEPHELELE ENTABENI
Abawuvali umlomo abazali bezingane izingamakhulu amathathu ezihambe izinyanga ezimbili ziyofundiswa ubudoda eNquthu. Omunye wabazali bathi lelisiko labo njengaMakholokoe lokuya eNtabeni lubaluleke kakhulu ngoba lukhuthaza ukuziphathe ezinganeni zabafana. Lomcimbi wokwamukela labafana esebengamadoda ngemuva…
KUSHONE ABANTU ABAHLANU EZINGOZINI ZOMGWAQO E-KZN NAMUHLA
Kushone abantu abahlanu ezingozini ezehlukene eKZN naseMpumalanga. Engozini yokuqala ngoMsombuluko ekuseni, iveni yokuthutha neSUV kushayisane mahlanze emgwaqeni u-R40 ngaseHazyview. Abesilisa ababili nabesifazane ababili balahlekelwe izimpilo zabo. Iziphathimandla zaseMpumalanga ziphenya ngembangela yengozi, kodwa…
UDLULE NABANYE ABABILI UMLILO EKAPA
Kushone ababili kusha indlu eStrandfontein e Mitchell’sPlain eKapa namhlanje. Okhulumela abezicishamlilo uJermaine Carelse uthi baziswe ngodaba lwendlu esitezi eshayo ezintatha base bephuthuma khona bafica abantu abadala ababili okungumuntu wesilisa kanye nowesifazane bexhilwe…