Umphakathi wase Mhlumayo obuthukuthele uhambele umuzi wekhansela ekuseni namuhla uyofuna ngo “dli” amanzi.
Lomphakathi uthi kunini uncenga ufuna ukulethelwa amanzi, omununye walomphakathi uthi kwakuncono kabi ngaphambi kokhetho lwango 2021 ngoba babewathola noma kwakunzima kodwa ukhansela wayezama.
Ukhansela we Wadi uMnuz Bhekokwakhe Majola uthi umphakathi wake wafika wozobika kuye ngaloludaba lwamanzi kodwa naye walidlulisa kwiziphathi mandla zomkhandlu ukuze bathole usizo.
Uthi uyavumelana nalona othi ngophambi kuku 2021 wayekwazi ukuwathola amanzi ngoba kwakungaphethe bona wayeyiqembu eliphikisayo futhi wayenazo izizathu zokutshela abantu uma bemuncisha amanzi. Uthi kodwa manje usezothini kubantu ngoba umkhandlu nomaspala uphethwe iqembu lakhe okuyi IFP nabantu ngeke bakuzwe nje akushoyo.
Uvale ngokuthi uyazwelana nomphakathi wakhe kodwa uzokwenza konke okusemandleni ukuthi abantu bathole amanzi.