Indoda eneminyaka engu-45 ubudala ebifunwa ngecala lokubulala unkosikazi wayo itholwe ilenga esihlahleni esigodini saseNtoane, eDennilton, ngoLwesine.
Amaphoyisa aseDennilton avule idokodo lophenyo kulandela ukutholakala kwalomlisa.
Ngokophenyo lokuqala, umsolwa kusolakala ukuthi ugwaze unkosikazi wakhe ngesikhathi kunengxabano yasekhaya emzini wabo oseNtoane ngoMsombuluko ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Malesela Ledwaba ukuqinisekisile ukuthi iziphathimandla bezithungatha umsolwa ogcwele amathafa kusukela kwenzeke lesi sigameko.
ULedwaba wengeze ngokuthi amaphoyisa ayaphenya ukuthi ukhona obesiza umsolwa ukucashela amaphoyisa, wagcizelela ukuthi ukufukamela isigebengu kuyicala elibomvu.
Uphenyo ngecala lokubulala nezimo ngokufa komsolwa lusaqhubeka.