Izikhulu zoMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo zigasele eMangaung Correctional Centre eBloemfontein kungazelele muntu ziyohlola ukuthi akukho yini okuthile okungaphakathi ejele okungafanele.
Lesi yisikhungo lapho umdlwenguli owalahlwa yicala lokudlwengula uThabo eqa khona ngo-2022.
Ukuhlasela bekuholwa nguKhomishana kazwelonke woMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uMakgothi Thobakgale.
uThobakgale ukholelwa ukuthi umkhankaso womnyango i-Operation Vala phambilini ube yimpumelelo ekugcineni iziboshwa zimatasa ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
UThobakgale ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa lolu hlelo lukazwelonke eBloemfontein.
Uthi uMnyango Wezokuhlunyeleliswa kwezimilo uzoqinisa izinhlelo zokungcebeleka zasejele eziklanyelwe ukubandakanya kokubili umzimba nengqondo yeziboshwa.
UThobakgale uqhube wachaza ukuthi le misebenzi igxilisa ukuziphatha kahle, ukuqina kanye nokuzithuthukisa komuntu oyisiboshwa.
“Isivivinyo sokuqala yinqwaba yezigameko ebezingenzeka, ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi kodwa ezizogwemeka. Okwesibili ukuzimisela kanye nenjabulo yeziboshwa ukubuyela ezinhlelweni ezisemthethweni, isibonelo ukubhalisa iziboshwa ezinhlelweni ezisemthethweni ezifana nezinhlelo zemfundo eyisisekelo. Ngakho, silinganisa leyo ntshisekelo kanye nentshisekelo yokwenza izinhlelo zokuhlunyeleliswa kwezimilo, intshisekelo yokusebenzela amabhizinisi esinawo ekuthuthukisweni kwamakhono ezikhungweni zokuhlunyeleliswa kwezimilo.”