Basale enkundleni abasolwa abathathu ngemuva kokudubulana namaphoyisa endaweni yaseCongo eNanda.
Abesilisa abalinganiselwa eminyakeni engu 20 -30 abebefunelwa amacala okubulala okubalwa kuwo nokubulala iphoyisa ngonyaka owedlule badutshulwe bashona.
Amaphoyisa agasele ekhaya lenyanga thizeni abafica khona nokuthe bengabona ukuthi ngamaphoyisa babe sebedubula kanti ababuzanga elangeni ezakadalawane zabalahla phansi, abathathu basale enkundleni kanti oyedwa ugcwele amathafa.
ULt General Nhlanhla Mkhwanazi ucela izinyanga ukuba ziswbenzisane namaphoyisa ukulwa nobugebengu njengoba wkholelwa ngukuthi uma izigebengu zifika kubo ziyaye ziyisho imbangela yosizo ezilidingayo okungaba ukuzivikela ukuyokwenza ubugebengu noma ukuhlanzwa emuva kokwenza ubugebengu.