Indoda eneminyaka engu-38 ubudala yaseTzaneen eyadlwengula umshana wayo oneminyaka engu-11 ubudala igwetshwe udilikajele.
Isigwebo sikadilikajele sikhishwe yiNkantolo yesiFunda yaseTzaneen ngoMsombuluko, zingama-22 kuJulayi 2024
Umsolwa wenze lesi senzo phakathi kukaSepthemba 2021 noFebhuwari 2022 endaweni yaseMarinoni.
Ngesikhathi kuqhubeka icala enkantolo, kutholwe ukuthi umenzi wobubi ubehudula umshana wakhe emzini ongumakhelwane wamdlwengula engaphakathi ekamelweni lakhe kunganake muntu.
Isisulu satshela udadewabo oneminyaka engu-20 ngalesi senzo sikamalume owabikela uyise kodwa wavele wasishaya indiva lesi simo. Udadewabo onesibindi wazama ukuyisa ingane esiteshini samaphoyisa sendawo, kodwa ummangalelwa wasabisa ngokuthi uzobabulala bobabili uma beqhubeka nokukhuluma ngaloludaba.
Umgilwa waphinde wabikela udadewabo ukuthi ummangalelwa usamnukubeza ngokocansi futhi umnika imadlana encane njalo emva kokumnukubeza. Kungaleso sikhathi lapho ecebise isisulu ukuba sibikele uthisha. Amaphoyisa azisiwe, kwabhaliswa icala lokudlwengula labe selidluliselwa ophikweni olubhekele udlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala ocansi.
Umphenyi wecala uSergeant Glenda Mathebula waqala uphenyo, umsolwa waboshwa. Ibheyili yaphikiswa ngempumelelo waze walahlwa yicala umsolwa wagwetshwa.
“Siyethemba ukuthi lesi sinqumo sizoletha ubulungiswa kwisisusulu kanye nalabo abathintekile.
Sincoma isibindi nokuqina kwesisulu, ubonise amandla amangalisayo lapho ebhekene nosizi olungenakucatshangwa. Siphinde sikushayele ihlombe ukuzinikela nokusebenza ngobungcweti kwabaseshi bethu, abashushisi nezinye izikhulu ezisebenze ngokuzikhandla ukuze kugwetshwe lesi sigilamkhuba,” kuphetha uKhomishana wesiFundazwe uLieutenant General Thembi Hadebe.