APHELE EMEHLWENI AMAKHANSELA ASOTHUKELA EMHLANGANWENI WOKUZODINGIDA ELOKUVALWA KWE-ACCOUNT KAMASPALA
Kube nesiphithiphithi emhlanganweni oyisipesheli woMkhandlu kaMasipala uThukela District lapho bekudingidwa khona udaba lokuvalwa kwe-akhawunti kaMasipala ngenxa yezikweletu ezisindayo. Amakhansela asale ebambe ongezansi emva kokuthi iMeya kanye namakhansela eqembu leNkatha Freedom Party (IFP) beshaye bachitha umhlangano ungakapheli. Lo mhlangano ubizwe uSomlomo ngenhloso yokuthola izimpendulo nokudingida kabanzi ngesimo sezimali esibhekene nomkhandlu. Amakhansela e-ANC, DA, EFF kanye ne-NFP…

