Abesifazane baseZwelisha, oKhahlamba, baphume ngobuningi emcimbini wokuvala iNyanga Yabesifazane, lapho beveze khona ukukhathazeka ngezinkinga ezibhekene nemindeni yabo, okubalwa ukungasebenzi kanye nodlame lwasekhaya.
Lo mcimbi ubuhlelwe yikhansela lendawo, uNumz. Sanele Buthelezi, futhi ubuhanjelwe yiPhini leMeya kaMasipala waseNquthu, uNkkz. Hlengiwe Ngobese.
Abesifazane bathe imindeni eminingi isiphila ngezibonelelo zikahulumeni, okuhlanganisa ezabantwana nezabantu abadala. Baveze nokuthi ukungasebenzi kwamadoda kungaba nomthelela ezingxabanweni nasodlameni olwenzeka emakhaya.
Baphakamise ukuthi uhulumeni asize abesilisa ngokubafaka emifelandawonye yezolimo kanye namaphrojekthi okufuywa kwemfuyo ukuze bakwazi ukuziphilisa.
UNkkz. Ngobese uthe ziningi izinselelo ezibhekene nabesifazane basemakhaya, nokuthi kusekuningi okufanele kwenziwe ukuze kuthuthukiswe izimpilo zabo. Ugcizelele ukuthi imifelandawonye ingaba neqhaza elikhulu ekuthuthukiseni umnotho nasekudaleni amathuba emiphakathini yasemakhaya.
