Ihhashi uKhalelani wakwaNkosi ligcine imali engu-R50 000 eNewcastle ngemuva kokunqoba umjaho wamahhashi i-Newcastle Annual Spring Horse Race walo nyaka.
UKhalelani ube ngumpetha walo mjaho, osuqhutshwa unyaka wesithathu selokhu wasungulwa futhi osuqala ukudonsa amehlo abantu abaningi.
Umnikazi wehhashi, uMnu. Nkosi, uthe ufisa ukubona uhulumeni waKwaZulu-Natal ewukhuphula izinga lo mjaho ukuze ukhule ube ngomunye wemicimbi emikhulu yesifundazwe, afane nemijaho emikhulu efana neDundee July. Uthe umjaho usuvele udala isasasa elikhulu kubantu baseNewcastle.
IMeya kaMasipala waseNewcastle, uNumz. Xolani Dube, ibonge uKhalelani ngokunqoba nokugcina lesi sicoco nemali eNewcastle.
UDube uthe umasipala uhlela ukusungula isikhungo sokuqeqesha amahhashi nabagibeli bawo, njengoba kunabagibeli abaningi abanekhono eNewcastle abaze bathathwe bayosebenza nakwezinye izindawo. Uthe lokhu kungasiza ukuthuthukisa ithalente lomphakathi kanye nomdlalo wamahhashi endaweni.
