Owesifazane waseBergville e-Emmaus(33) uboshwe ngamaphoyisa ophiko lwe intervention task team ngolwesithathu emva kokugasela kwamaphoyisa athola isibhamu i-9mm kanye nezinhlamvu endaweni ahlala kuyo.
Lamaphoyisa beqhubeka nomkhankaso wawo wokulandela umkhondo wabesilisa ababili naye owesifazane ngokuba nezibhamu ezingekho emthethweni.
Owesilisa owokuqala wabanjwa emtshezi ngolwesibili,ngolwesithathu babe sebebamba lona wesifazane nowesilisa bonke batholakale nama 9mm.
