UMnumzane Moses Musawankosi Zakwe weqembu leNational Economic Freedom Alliance NEFA Okhahlamba usedalule izindaba ezishaqisayo ngokuqashwa kwabasebenzi ,abagcwele ngokweqile Okhahlamba.
UZakwe usola abathize abasebenzisa amandla abo ukuphoqa uMalinga ukuba aqashe abantu babo kulomkhandlu yize isimo singavumi nokudala ukuthi labasebenzi babengaphezulu kwenani lemali yomkhandlu ehlelelwe ukuholela abasebenzi kuphoqeleke ukuba bakhokhelwe ngemali ehlelelwe ukuhambisa intuthuko emphakathini.
Abantu baseBergville bakhala mihla namalanga ngokugqoza kwentuthuko,lesenzo singenye yezinto ezidala kuthathwe imali yentuthuko kukhokhelwe abantu bese kuhlupheke abantu bakithi.
UMnu Zakwe uthi uselindele ukuthi kuqokwe ubuholi obuphezulu bukamaspala ebese emashela kulomkhandlu ukuyophoqelela onguManager uMnumzane Malinga ukuthi adilize bonke labantu abasebenza kulomkhandlu,abaqashwa ngokungemthetho bese aqale asebenzise amandla anawo okwenza izinto ngendlela kulomkhandlu ukuze uzokwezi ukuthumela izidingo ebantwini
