Usomabhizinisi waseMnambithi owaziwa ngamanzi asemabhodleleni i-Yametsi Still Water, uSandile Mokoena, owaziwa ngelika Yametsi, wethulwe ngokusemthethweni njengozomela i-South African Communist Party (SACP) kuWard 2 eZakheni ngaphansi kukaMasipala wase-Alfred Duma.
UMokoena uthi sekuyisikhathi sokuthi umphakathi uthole izidingo nezinsiza ezifanele ngaphandle kokukhathazeka. Uthe inhloso yakhe ukuqhubeka nomsebenzi wokusebenzela umphakathi asevele ewuqalile, kodwa uthi angakwazi ukwenza okwengeziwe uma umphakathi umethemba futhi umnika ithuba.

USandile Mokoena ubuye abe ngumsunguli we-Ezakheni Small Business Forum. Uthi ukhethe ukujoyina i-SACP ngoba ulazi njengeqembu elingenagcobho futhi lingamsiza ngephupho lokuqhubeka nokusebenzela nokusiza abantu bakule ndawo.
I-SACP kulindeleke ukuthi iqale ukungenela ukhetho ngokuzimela, kanti namuhla iqembu lizungeze yonke iWard 2 lethula uMokoena emphakathini njengomuntu ozolimelela.
Lokhu kubonisa ukuqala kohambo olusha lwe-SACP kwezokhetho, njengoba iqembu lizama ukwakha ukwesekwa emphakathini.
