INkantolo yesiFunda Ulundi igwebe indoda eneminyaka ewu-34 ubudala isigwebo sikadilikajele ngemuva kokuba elahlwe ngecala lokudlwengula intombazane eneminyaka ewu-15 eMahlabathini phakathi kuka-2021 no-2022.
Ummangalelwa nomgilwa owayenoku phazamiseka emqondweni babazana ngoba babengomakhelwane. Ummangalewa wadlwengula umgilwa emphindelela ngoMarch 2021 nango-October 2022. Wamsabisa ngokubulala umndeni wakhe uma eke walubika udaba.
Umgilwa wabika udaba kuthisha wakhe esikoleni. Umgilwa wabe eseyiswa emtholampilo wendawo lapho afika axilongwa khona, kwabikelwa namaphoyisa waboshwa ummangalelwa. Umshushisi ethula isitatimende sikamgilwa enkatolo nokulapho umgilwa uchaze kabanzi ngomonakalo odalwe yilesigameko empilweni yakhe. Uthe akasalali ebusuku usehlala ecasukile.
Ummangalewa ugwetshwe udilikajele.Ngaphezu kwesigwebo, inkantolo ithe Igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi ezweni.
