Akakholwa namanje umlimi osemncane waseMatiwane, eMnambithi, uNqobile Mabula oneminyaka engu-27, oqokwe ukuba yingxenye yabaholi besifazane abangu-60 abaqavile abavela emazweni ahlukene emhlabeni.
UNksz Mabula, ofuya izimbuzi epulazini lakhe, uzoba ngesinye sezihambeli ezihlonishwayo emcimbini weShe Reigns Africa Network ozoba seSandton, eGoli, kule mpelasonto. Kulindeleke ukuthi athole ukuhlonishwa njengomunye wabaholi besifazane abasebancane abenza umehluko emikhakheni ehlukahlukene.
UNqobile uthi uthando lwakhe lokufuya lwaqala esemncane. Njengoba engowesine emantombazaneni ekhaya, wayevame ukuthunywa ukuba ayobheka imfuyo yakubo, ikakhulukazi izimbuzi. Uthi wayekwazi nokubona uma izimbuzi sezimithi, nokuyilapho uthando lwakhe lokufuya lwaqala khona.
Uqale ngokufuya izimbuzi ezimbalwa ezagcina zanda. Nakuba wake wabhekana nenkinga yokulahlekelwa yizimbuzi ezingaphezu kuka-30, akazange aphele amandla. Njengamanje uyaqhubeka nokukhulisa ibhizinisi lakhe lokufuya futhi uyisibonelo kubantu abasha abafisa ukungena kwezolimo.
