UKHALA NGOKUNGANAKWA UHULUMENI UMPHAKATHI WASETHINTWA EBERGVILLE

Umphakathi waseThintwa, kuWard 13 eBergville ngaphansi kukaMasipala wasoKhahlamba, ukhala kakhulu ngentuthuko ehamba kancane kanye nengqalasizinda eyonakele ebeka izimpilo zabantu engcupheni. Ibhuloho elikuD364 selibe yinkinga enkulu emphakathini. Izakhamuzi zithi selonakele kakhulu kanti noma zike zazama kaningi ukuxhumana noMnyango Wezokuthutha, azikaze zithole usizo olugcwele. Kunalokho, kufakwa inhlabathi nje egcina iguguleka uma kunezimvula, okwenza isimo sibe sibi kakhulu….

Read More

KUBANJWE “IZIPOKI” EZUNGU 70 000 KULELI EZIHOLA IMALI YESIBONELELO SIKAHULUMENI NGOKUNGEMTHETHO

INhlangano Yezibonelelo Zikahulumeni, iSassa, imise cishe izibonelelo zomphakathi ezingu-70 000 ezweni lonke njengengxenye yokubuyekezwa okuhloswe ngokuqinisa izindlela zokulawula nokwenza isiqiniseko sokuthi izibonelelo zitholwa ngabafanele kuphela. ISassa ithi lezi zibonelelo zimisiwe ngoba abanye abazitholayo behlulekile ukuhambisana nenqubo yokubuyekezwa kanye nokuqinisekisa ukuthi basaphila. Le nqubo ihlose ukuvikela izimali zikahulumeni nokugwema ukusetshenziswa kabi kwezinsiza. Isikhulu esiphezulu seSassa, uThemba…

Read More

UHULUMEN WASE-KZN UZOMEMEZELA AMATELE NJENGENHLEKELELE ESIFUNDAZWENI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe iKhabhinethi lesifundazwe selivumelene ngokuthi ukubhebhetheka kwesifo samatele (FMD) sekudinga ukusukunyelwa ngokugcwele. UNtuli uthe iProvincial Disaster Management Centre isithumele umbiko esikhungweni seNational Disaster Management Centre, icela ukuthi lesi sifo sihlonzwe njengenhlekelele. Ukuqinisekisile ukuthi kumanje iKwaZulu-Natal yisona sigameko sokubheduka kwalesi sifo njengoba izigameko ziqoshwe kuzo zonke izifunda. Lesi sifundazwe sinezinkomo ezibalelwa…

Read More

IPHINDE YABEKWA NJENGEBAMBA LEMEYA IMEYA EKHISHWE YINKANTOLO EMAJUBA

UMasipala Wesifunda Amajuba uthi uyasihlonipha isinqumo seNkantolo Ephakeme yaseMgungundlovu esichithe ukukhethwa kweKhansela le-IFP uThembelihle Mthembu njengoMeya kanye no-Isaac Shaka Sithole njengoSekela Meya. Ngemuva kwalesi sinqumo, umasipala uqoke uMeya osekuchithwe ukukhethwa kwayo ukuba ibambe isikhundla sokuba yiMeya (acting mayor) ukuze kuqhubeke umsebenzi kahulumeni. Inkantolo imemezele ukuthi umhlangano womkhandlu owawungo-20 Meyi 2025, lapho kwakukhethwa khona uMeya noSekela…

Read More

IJIKELELE HIGH SCHOOL ISHAYELWE IHLOMBE NGOKUZIPHATHA KAHLE KANYE NEMIPHUMELA EMIHLE YEMFUNDO

Isikole i-Ujikelele High School esiseMabhalonini, eWard 23 eMtshezi, sidunyiswe kakhulu ngokuziphatha kahle kwabafundi baso, ukubonakala okuhle kanye nemiphumela emihle yezifundo ngesikhathi sokuvakasha sakamuva kweMeya kaMaspala Inkosi Langalibalele uMhlonishwa Mduduzi Myeza njengengxenye yokuhambela izikole endaweni. Abafundi banconywe ngendlela abagqoka ngayo umfaniswano wesikole, behlanzekile futhi behlelekile, kusukela emabangeni aphansi kuze kuyofika kwabangena uMatric. Lokhu kuboniswe njengobufakazi bokuziphatha…

Read More

UDUDUZANI ZUMA UJOYINE UMKHANKASO WE-MK PARTY WOKUNIKA IZAGUGA ITIYE EMTSHEZI

UDuduzani Zuma uvakashele edolobheni laseMtshezi namuhla ekuseni, lapho ejoyine khona amalungu eqembu leMK Party emkhankasweni wanyanga zonke wokuhambisela izaguga itiye. Lo mkhankaso uhloswe ngokweseka nokunikeza induduzo kubantu abadala abavame ukuma emigqeni emide ngesikhathi beyohola izibonelelo zabo. Amalungu eqembu anikeze izaguga itiye njengoba zibambe ulayini, njengendlela yokubonisa ubuntu nokubakhathalela. Izaguga ziwemukele kahle lo mkhankaso, kanti uDuduzani…

Read More

UMASPALA WASEMNGENI WESULE IZIKWELETU ZABANTU EZINGAFINYELELA KU R10 MILLION

Umasipala waseMngeni, ongaphansi kobuholi bukaMeya uChris Pappas, usuthathe isinyathelo sokwesula izikweletu zikagesi namanzi ezibiza uR10 million, ebezibhekene nemindeni ehlwempu kanye naleyo edonsa kanzima. Umasipala uthi lesi sinqumo kuhloswe ukusiza imizi ebisengcupheni yokucinyelwa izinsiza ngenxa yezikweletu ezinkulu, ikakhulukazi labo abangasebenzi noma abahola kancane. Izakhamuzi zisamukele ngenjabulo lesi sinyathelo, bathi sizobasiza ukuthi baqale kabusha impilo ngaphandle komthwalo…

Read More

UPHELE EMEHLWENI UMESILISA WASEPAKISTAN OWAYEKHISHWE NGE-BHEYILI ECALENI LOKUNUKUBEZA NGOCANSI EMNAMBITHI

Uphele emehlweni owesilisa odabuka ezweni lasePakistan owayekhululwe ngebheyili ecaleni lokunukubeza ngokocansi owesifazane ayesebenza naye kwesinye sezitolo eMnambithi. Lo wesilisa waboshwa ngonyaka odlule ngemuva kokuba owesifazane ayesebenza ngaphansi kwakhe evule icala, emsola ngokumnukubeza ngokocansi. Ngokombiko, kuthiwa lo wesilisa wamcela ukuthi aye endlini ayehlala kuyo, emtshela ukuthi ufuna amsize ukuhlanza indlu. Kuthiwa ngesikhathi esesendlini wabe esemhlasela, wambhudubeza…

Read More

BAKHALA NGOKUNYUSWA KWEMALI YETEKISI NGOKWEQILE ABANTU BASEBERGVILLE

Abeneme neze abantu baseBergville ngokunyuka kwemali yokugibela itekisi elisuka edolobheni liye eMgungundlovu,lokhu kuza emva kwesimemezelo sokuthi lemali isizokuba nguR200 isuka kuR160. Abagibeli bathi lokunyuka kukhulunkakhulu uma uqhathanisa nobekwenzeka ezikhathini ezedlule lapho itekisi ininyuswa ngoR10,bafisa abantu bamatekisi babuyekeze lesinqumo sabo sokunyusa lemali kangaka. Ezinye zezinto abacela bazibuke ngukuthi nomphakathi usenkibgeni yezezimali nakuwo akuhambi kahle bayapatanisa ukuze…

Read More

BANYELWE YINYONI ESANDLEN ABAFUNDI ABATHOLE IMFUNDAZE KWA-COGTA

Ibibhalwe emehlweni injabulo kubafundi abangu-14, abathole imifundaze ehhovisini likaNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi. Labafundi banyelwe yinyoni esandleni njengoba lomfundaze ukhokhela konke abazobe bekudinga okuhlanganisa nendawo yokuhlala. Ngaphambi kokuba ethule abafundi ababe senhlanhleni, uNgqongqoshe Buthelezi uqale ngokubonga abazali balabafundi wathi imiphumela yabo isho ukuthi nabo bakwazile ukudlala indima yabo beseka abafundi ngakho…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved