KUQWASHISWE ABALIMI BASOTHUKELA NGESIFO SAMATELE

UHulumeni wesiFundazwe saKwaZulu-Natali uqinise imizamo yokunqanda ukubhebhetheka kwesifo samatele (FMD), njengoba sekunezinyathelo zokungenelela ezisebenza ezingeni eliphezulu kuzo zonke izindawo ezithintekile. Izolo, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (i-CoGTA) kanye nowezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya (i-DARD) usingathe uHlelo lokuNgenelela ekuzameni ukulwa nesifo samatele eBergville Sports Complex. Lo mhlangano ubuhanjelwe abalimi, amalungu omphakathi, Amakhosi, abaholi bakamasipala kanye nezinhlaka ezithintekayo…

Read More

ABAHLALI BASE ST CHADS BAKHALA NGESIMO ESIBI SEMIGWAQO

Abahlali baseSt Chads eMnambithi bakhale ngesimo esibi semigwaqo yalendawo, abathi seyisiphenduke ingozi emphakathini. Bathi imigwaqo seyigcwele imigodi, ayisasebenziseki kahle futhi idala izingozi ezingadingekile. Ngokusho kwabahlali, le migwaqo isilimaze izimoto zabo futhi iphoqa abashayeli ukuthi bahambe kancane noma bagweme ezinye izindawo ngokuphelele. Bathi sekunzima ukuhamba, ikakhulukazi ngezikhathi zemvula.Abanye bathi sebephelelwe yithemba ngosizo lweziphathimandla, baze bathi sebenikela…

Read More

EZAKHENI HORSE RACING EVENT IHLANGANISE UMPHAKATHI WASEZAKHE NGENJABULO NGEMPELASONTO

Izolo kube wumgubho omkhulu eEzakheni Section D (ngemuva kwePlaza) lapho kubanjelwe khona umcimbi we Ezakheni Horse Racing, obudonse izinkumbi zomphakathi. Kube nemijaho eyisithupha, kanti umjaho ngamunye ube nomklomelo wemvu ephilayo (isiKlabhu). Umjaho wesikhombisa nowokugcina ube nomklomelo wenkomo ephilayo (Inkomo). UKhansela uHlomuka wakuWard 4, egameni lomphakathi nobuholi baseEzakheni, udlulise ukubonga okukhulu kubo bonke ababeyingxenye yalo mcimbi,…

Read More

INHLANGANO YEZOKUXHUMANA KAHULUMENI IFUNDISE UMPHAKATHI NGE-SONA E-ILLING ROAD, EMNAMBITHI

Namuhla, Government Communication and Information System (GCIS) ngokubambisana neStatistics South Africa (Stats SA) bebese-Illing Road intersection eMnambithi (Ladysmith), behlangana nomphakathi ngenhloso yokwabelana ngolwazi olubalulekile mayelana neNkulumo Yesimo Sezwe (State of the Nation Address – SONA) ezokwethulwa mhla ziyi-12 kuNhlolanja 2026. Lolu hlelo beluhloselwe ukuchaza ngokucacile ukuthi i-SONA iyini, kungani ibalulekile, nokuthi izinqumo nezinhlelo ezimemezelwa kuyo…

Read More

KUBOSHWE IZELAMANI EBEZIHLALISE KABI UMPHAKATHI EMZINTO

NgoLwesine kuboshwe izelamani ezimbili kulandela umkhankaso wamaphoyisa eMzinto, lapho zisolwa ngokuhlukumeza umphakathi wakule ndawo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa athole aphinde akhipha incwadi egunyaza ukuthi baseshwe ngaphambi kokuba abophe abasolwa. Ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso, umsolwa wokuqala, 41, utholwe nesibhamu sifihlwe ngaphansi kwesihlalo somshayeli emotweni yakhe. Kuthe kuseshwa ekamelweni lakhe kutholwe izinhlamvu ezingu-46…

Read More

IQEMBU LE-MK LIHLELA UKUPHINDE LIPHAKAMISE UKUNGABETHEMBI UBUHOLI BUKANTULI KWAZULU-NATAL

UMkhonto weSizwe Party (MKP) ulungiselela omunye umzamo wokukhipha uNdunankulu waKwaZulu-Natal uThami Ntuli esikhundleni. IPhini lesibili likamengameli we-MKP uTony Yengeni umeme umengameli weNational Freedom Party u-Ivan Barnes emhlanganweni ophuthumayo namuhla eBeverly Hills Hotel, enyakatho yeTheku. Umhlangano uzodingida ukwethulwa kwesiphakamiso sesibili sokungethenjwa kukaNtuli kanye nesimo sezepolitiki esibanzi esifundazweni. Lesi senzo silandela ukushuba kwesimo phakathi kuHulumeni Wobumbano Lwezifundazwe,…

Read More

IMEYA YASELANGALIBALELE IBAMBE IMBIZO YOKUDINGIDA NGABOKUFIKA EMTSHEZI

Namhlanje, iMeya yoMasipala iLangalibalele, Mduduzi Myeza, ibambe imbizo yokuqala eWembezi Community Hall, ehlanganise umphakathi wakwa-Central Cluster, ngenhloso yokubhekana nodaba lwabantu bokufika abakuleli ngokungemthetho. Izinkinga ezigqanyisiwe kulo mhlangano kube ukudayiswa kwezidakamizwa, ukwebiwa kwama-cable kanye nokushoda kwemisebenzi kubantu bendawo. UKhomishana Wesifunda wamaPhoyisa, uMnu. Gonya, uthe amaphoyisa, ngokubambisana noMnyango wakwa-Home Affairs, azoqala ukugasela izindawo ezisolwayo kungazelele muntu. Uthe…

Read More

UPHITHENE AMAKHANDA UMNDENI UMLUNGU ENQABA BANGCWABE ILUNGU LOMNDENI EBERGVILLE.

Usadidekile namanje umndeni wakwaMavundla owakhe epulazini uDe Ruste elise Winterton eBergville,unqatshelwa ukufihla ilungu layo elidlule emhlabeni. Okhulumela umndeni uMnu Mndeni Mavudla uthi ngesento eliphelile ngolwesine kwashona umfowabo uSakhile Mavundla obesehlala eGoli ngokusabenza kodwa ozalelwe khona eplazini iDu Ruste,njwayelo kuyabikwa kumnikazi weplazi nebala bamubikela ukuthi sekuvele umshophi kodwake kwabashaqisa ukuthola impendulo ethi ngeke bangcwabe ePlazini lakhe…

Read More

ZIPHOQELEKE UKUTHI ZIBUYELE EMFULENI ZIYOKHA AMANZI EMVA KOKUNGANAKWA UMASPALA IZAKHUMUZI ZASETHOLENI

Njengoba amazinga okushisa eqhubeka nokwenyuka, izakhamuzi zaseTholeni ngaphansi kwe-Alfred Duma Local Municipality ziphoqeleke ukuba zigqube amabhala zilande amanzi phansi emifuleni ukuze ziphile. Amanzi empompini awasaphumi sekunesikhathi, kanti akukho namaloli aletha amanzi afikayo kulendawo ukusiza umphakathi. Abantu bakulezi zindawo basebenzisa amanzi omfula ukuphuza, ukupheka nokugeza, yize besaba izifo ezingavela ngenxa yokungahlanzeki kwamanzi. Isimo sibhebhethekiswa wukushisa okukhulu,…

Read More

IMEYA UMDUDUZI MYEZA UGQUGQUZELE ABASEBENZI NGOKUHLANZA IDOLOBHA UMTSHEZI

Imeya kamasipala waseLangalibalele, uMduduzi Myeza, ihlangane nabasebenzi bakamasipala namhlanje ekuseni emhlanganweni wokubagqugquzela ukuthi baqinise ukusebenza kwabo, ikakhulukazi abasebenza ukuhlanza imigwaqo edolobheni laseMtshezi. UMeya ugcizelele ukubaluleka kokuzinikela emsebenzini, wathi yize kukhona intuthuko ebonakalayo, kusekhona izindawo ezingakahlanzeki ngendlela eyanele. Uthe sekuyisikhathi sokuthi abasebenzi “baphakamise amasokisi” ukuze idolobha libonakale lihlanzekile ngaso sonke isikhathi. “Akukho nokuthini, ubusuku sebufana nemini…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved