KUXWAYISWA ABANTU BASEMTSHEZI NGABANTU ABAZENZA AMAPHOYISA MAQEDE BAQOLE ABANTU

Abantu nasemtshezi baxwayiswa ukuba baqaphe kakhulu kulandela uphenyo oluqhutshwa amaphoyisa mayelana nabantu abasolwa ngokuzenza amaphoyisa ukuze baphange izimoto. Ngokwemibiko, lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu ebusuku ngesikhathi imoto emhlophe enezibani eziluhlaza imisa umshayeli obehamba esuka eThekwini eya eGoli. Kuthiwa abasolwa bebegqoke umfaniswano wamaphoyisa, baphoqa umshayeli nomgibeli ukuba bame, babaphanga bebakhombe ngezibhamu ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko. Amaphoyisa athe…

Read More

UMASIPALA WASE-INKOSI LANGALIBALELE UPHIKA IZINSOLO ZOKUXHAPHAZA UR800 MILLION WESABELO MALI

UMasipala wase-Inkosi Langalibalele uphika izinsolo zokuthi uchithe imali engu-R800 million ezinhlelweni ezingabalulekile, uchaza lezi zinsolo njengezidukisayo futhi ezingasekelwe yisabelomali esigunyaziwe noma imibiko yezimali esihloliwe. Esitatimendeni, uMasipala uthe isabelomali sokusebenza sika-2025/26 sime cishe ku-R826 million, kanti isabelomali sezimali zokwakha simi ku-R43.8 million, iningi lazo lixhaswe yizibonelelo zikahulumeni kazwelonke. UMasipala ugcizelele ukuthi izinsiza eziyisisekelo ezifana nogesi, ukususwa…

Read More

UKWENYUKA KWENTENGO YOKUDLA NGOJANUARY KUZOFAKA INGCINDEZI KUBANTU BAKULELI

Isilinganiso sikabhasikidi wokudla wasendlini senyuke ngo-R67.99 ngoJanuwari, okukhombisa ukuthi amanani okudla aphinde akhuphuka ngemuva kokuncipha kancane ngoDisemba. Ngokwe-Household Affordability Index yakamuva, izindleko zikabhasikidi wokudla zikhuphuke ngo-1.3% kusukela ngoDisemba kuya kuJanuwari. Imindeni manje isisebenzisa cishe u-R5,401 ngenyanga ukuthenga ukudla okuyisisekelo, ingena ngoJanuwari abantu abaningi bevele benengcindezi yezindleko zesikole, kanye nezikweletu zanyanga zonke. UJanuwari yisikhathi esinzima kakhulu…

Read More

UKHALA EZIMATHONSI UMFUNDI OWABANJISWA UDONGA NGUMKHANDLU UTHUKELA

Ucela usizo umfundi owathenjiswa ngumkhandlu uThukela ihistorical debt bursary eyayizomukhokhela isikweletu sakhe esikhungweni semfundo ephakeme kodwa okungazange kwenzeke futhi akasatholi zimpendulo ngakho. Ngonyaka owedlule ngoFebruary uthi bathola isimemo nabanye abafundi kunomcimbi kumenywe nosaziwayo beyonikwa izincwadi ezaziqinisekisa ukuthola usizo, uthi abanye bakhokhelwa sebaze baya kuma graduation abo kodwa yena akakaze akhokhelwe kuze kube namhlanje. Lomfundi uzamile…

Read More

UMASPALA UTHUKELA WAMUKELA AMATHANGI AMANZI ANGU-10 ASUKA KWA-COGTA

UMasipala Wesifunda saseThukela wamukele ukunikezelwa kwamathangi amanzi ayi-10, ngalinye linomthamo wamalitha ayi-5 000, anikelwe nguMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zendabuko KwaZulu-Natali (COGTA). Ukudluliselwa kwenzeke emahhovisi kaMasipala Wesifunda saseThukela njengengxenye yemizamo eqhubekayo yokwenza kune lula ukulethwa kwamanzi emphakathini, ikakhulukazi emiphakathini ebhekene nezinselelo zokuhlinzekwa kwamanzi. Umcimbi ubuhanjelwe yiMeya Yesifunda saseThukela, iNkosi N.B. Shabalala, uSomlomo, amakhansela, umphathi kamasipala, izikhulu…

Read More

URAMAPHOSA UFUNA KUSUNGULWE ITHIMBA ELIZOPHENYA NGEMVA KOMBIKO WESIKHASHANA WE-MADLANGA COMMISSION

Emva kokufunda umbiko wesikhashana weMadlanga Commission, uMongameli uCyril Ramaphosa usetshele uNgqongqoshe wamaPhoyisa obambe isikhundla, uSolwazi uFiroz Cachalia, kanye noKhomishana Kazwelonke wamaPhoyisa, uFannie Masemola, ukuthi basungule iSpecial Investigations Task Team ezophenya amacala aqhamuke kulo mbiko. Le Task Team izobika ngqo kuGeneral Fannie Masemola. Kubikwa ukuthi abantu okulindeleke ukuthi baphenywe ngenxa yezinsolo zokwenza okungahambi kahle bahlanganisa amalungu…

Read More

AVALWE THANQA AMA-ACCOUNT ASEBHANGE OMASPALA UTHUKELA NGENXA YOKUQAQELWA YIZIKWELETU

Izolo phambi kweKomidi elengamele izindaba zomaspala Nobuholi Bomdabu lapho abaphathi boMkhandlu wesifunda sasoThukela okuhlanganisa nomhlonishwa Inkosi N.B. UShabalala, baphekwe ngemibuzo ngendaba yokungakambisi kahle ukuphathwa kwezimali njengokusho kukaMcwaningi-Mabhuku Jikelele . Amalungu ekomiti azwakalise ukukhathazeka ngokuqashwa kwabaqaphi, imali ekweletwa iRevenue Assessment and Support Programme efinyelela ku-R137 million, kanye nokudonsa kanzima kukamaspala jikelele uma kuziwa kwezezimali. Imenenja kamasipala…

Read More

UNGENE EZINTANGENI UMEYA WASELANGALIBALELE EBUZWA NGEBHAJETHI KA-R500 000 WEMAYORAL

CUPAmakomiti ePhalamende avakashele KwaZulu-Natal kusukela mhla zingama-27 kuya zingama-30 kuMasingana 2026, ukuzohlola ukusebenza komasipala ababhekene nezinkinga zokuphatha nezimali. Lolu hambo luholwa yiKomiti lezoBukhosi noMasipala kanye ne-SCOPA, kulandela imiphumela emibi yokuhlolwa kwamabhuku ka-2023/2024 ekhishwe nguMcwaningi mabhuku omkhulu wakuleli, lapho kutholakale khona ukuthi omasipala abangu-41 kuphela (u-16%) abathole ama-clean audit.Phakathi komasipala abebehlatshwa ngemibuzo kubalwa Inkosi Langalibalele Local…

Read More

UNGQONGQOSHE WEZEMFUNDO E-KZN UHALALISE ISAHLUMBE HIGH SCHOOL NGEMPUMELELO KA-2025

UNGQONGQOSHE Wezemfundo KwaZulu-Natal, ehambisana nobuholi baloMnyango wesifunda i-OThukela, uvakashele namuhla iSahlumbe High School ukuyobonga nokuhalalisela isikole ngemiphumela emihle ka-2025, lapho sithole khona u-100% kumatikuletsheni. Lo mhlonishwa usesemkhankasweni wokuhambela izikole ezahlukene esifundazweni, okuhlanganisa izikole ezenze kahle kanye nalezo ezingazange zithole imiphumela emihle, ngenhloso yokukhuthaza, ukweseka nokubheka izinselelo ezibhekene nemfundo. Ukuvakasha kwakhe kuhloswe ngakho ukukhuthaza othisha, abafundi…

Read More

UPENNY NTULI USESHIYE PHANSI EMSAKAZWENI IJOZI FM

Umsakazi uPenny Ntuli uqede ngokusemthethweni uhambo lwakhe ne-Jozi FM, evala isahluko esaqala ngohlelo lwesikhashana kodwa sakhula saba yiminyaka ecishe ibe mibili yokufunda, ukukhula kanye nempumelelo. Ngaphambi kokujoyina i-Jozi FM, uNtuli waba ngundabuzekwayo ngemuva kokushiya i-Gagasi FM ngemuva kouungezwani nalomsakazo ngalokho akuchaza njengokukhokhelwa umholo ophansi ongamukeleki. Lolu daba lwavusa impikiswano ebanzi mayelana nokukhokhelwa, ukuxhashazwa kanye nemikhuba…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved