INkantolo yesiFunda eMtubatuba imthole enecala uKwazi Cebo Sithole oneminyaka engu 25 ubudala emuva kokuthi elahlwe ngecala lokubulala owesifazane eHluhluwe ngoJulayi 2025. USithole wayekade ethandana nomufi kodwa behlukana ngaphambi kwesigameko.
NgoJulayi 2025, umufi wayehamba nabangani bakhe ngesikhathi ehlangana noSithole. Bethuka ngesikhathi bembona babe sebeyambalekela. Usithole wabahubha wakheqa umufi wawa wambhozomela wamklinya,umngani kamufi wazama ukungenelela kodwa ummangalelwa wabe esemdudula.nokulapho umngani kamufi wagijima wayofuna usizo. Kwathi uma ebuya nabanye bafica umufi noSithole bengasekho. Babacinga ehlathini nokulapho usithole aqhamuka khona nokwathi uma bembuza wabathuka wabashiya kanjalo.
Isidumbu sikamufi satholwa ehlathinilapho okwaqhamuka khona uSithole. Udaba lwabikwa emaphoyiseni kwaboshwa uSithole.Okhulumela iNational Prosecuting Authority uNatasha Ramkission-Kara, uthi umsolwa ube esegwetshwa udilikajele nokuyisigwebo iNPA esamukelayo
