UMnyango Wezempilo esifundazweni KwaZulu-Natal usigxekile isenzo esishaqisayo esibonakala kwividiyo esisabalale ezinkundleni zokuxhumana, lapho umhlengikazi ebonakala echofa ngomunwe ebusweni isiguli,ekhuluma ngendlela engafanele esibhedlela iKing Dinuzulu.
UMnyango Wezempilo uthe lesi senzo asamukelekile futhi siphikisana nezimiso zokuhlonipha iziguli.Umnyango uthi lomhlengikazi uzomiswa okwesikhashana, ngesikhathi kusaphenywa lolu daba.
UMnyango uthi izikhungo zezempilo akuyona indawo yokushaya iziguli wathi zonke iziguli kumele ziphathwe ngenhlonipho, nangokunakekelwa okufanele.Waphetha ngokuthi uzothatha izinyathelo ezifanele zokuqondisa izigwegwe uma uphenyo seluphothuliwe.
