UMNYANGO WEZEMPILO E-KZN UZOQHASHA ABANGU 5 000 ABEBESEBENZA NJENGETOHO

UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal usumemezele ukuthi uzoqashwa unomphela abasebenzi bezempilo bomphakathi (CHWs) abangaphezu kuka-5 000. UNgqongqoshe Wezempilo uNomagugu Simelane uthe lesi sinyathelo sibuyisa isithunzi futhi bayalibona iqhaza elibalulekile ama-CHW alidlalile, okuhlanganisa nezinhlekelele ze-HIV/Aids kanye ne-Covid-19, kanye nokulwa nesifo sofuba, umalaleveva, izinselelo zempilo kamama nengane, kanye nezifo ezingelapheki. Lesi sinqumo silandela umdonsiswano omude wezomthetho obuholwa yiNehawu, ephonsele…

Read More

UNGQONGQOSHE WEZEMFUNDO UVAKASHELE E-QOPHINDLELA HIGH SCHOOL

EaMNAMBITHIUNgqongqoshe Wezemfundo KwaZulu-Natal, uMnumzane Sipho Hlomuka, ephelezelwa uSotswebhu Omkhulu kaMasipala wase-Alfred Duma uNkk Lindiwe Kubheka, uvakashele eQophindlela High School ukuzobheka ukusebenza kwesikole njengoba kuqala unyaka wesikole.UNkk Mapaseka Mokoena, ongumqondisi wesifunda uThukela, wamukele izivakashi emhlanganweni wokudingida izinkinga nesimo sokusebenza kwesikole. Uthishanhloko wesikole, uMnumzane Mbanjwa, wethule umbiko lapho eveze khona ukuthi inani labafundi liyehla ngenxa yokuswela izinsiza,…

Read More

ABACULI BAKAMASKANDI BAKHOMBISA UKUBUMBANA BESEKELA UMAFIKIZOLO EWASBANK

BAKHOMBISE ukubumbana okuyisimanga abaculi bakamaskandi behambela uzakwabo uMafikizolo eWasbank, eMnambithi, ngesikhathi emukela ngokusemthethweni imoto yohlobo lwePolo ayihlomule ngengoma ehlukanise unyaka kuKhozi FM. Lo mcimbi ubuhanjelwe yizihlabani ezahlukene zomculo kamaskandi, ezithe zafika ukuzomhalalisela nokumsekela, zikhombisa ubunye nokuhloniphana embonini yomculo. Abaculi bathi impumelelo kaMafikizolo iyisikhuthazo kubo bonke abaculi abasakhula nabasazama ukuzakhela igama. Abanye babaculi abebemhalalisela kubalwa uNtencane,…

Read More

KUSHONE UMANDLA “NJINJI” MAGWAZA OWADUMA NGO NJINJIWAMI KU KHOZI FM

AKASEKHO emhlabeni uMandla “Njinji” Magwaza, owaduma kakhulu ngelikaNjinjiwami kuKhozi FM. UMandla udlule emhlabeni ngempelasonto emva kokugula isikhashana. Ukudlula kwakhe kushiye isikhala esikhulu emkhakheni wezokuxhumana, ikakhulukazi kubalaleli boKhozi FM abebemthanda kakhulu ngenxa yesitayela sakhe esiyingqayizivele, amahlaya nokusondelana kwakhe nomphakathi. Wayengomunye wabasakazi abebenethonya elikhulu, ikakhulukazi entsheni. Izindaba zokushona kwakhe zishaqise abaningi, sekugcwele amazwi enduduzo nezikhumbuzo ezivela kozakwabo,…

Read More

LILALELWE UNYENDLE LABULAWA IPHOYISA EBELILWA NOBUGEBENGU ENAZARETHA

Kudutshulwe kwabulawa umuntu oyedwa izolo ebusuku ngesikhathi engena ekhaya lakhe endaweni yaseNazaretha eMnambithi. Lomlisa ubesebenza njengephoyisa futhi ehlonishwa kakhulu emphakathini. Ngokwemibiko, leli phoyisa belisuke ekhaya layothenga esitolo esiseduze. Ngesikhathi ebuya cishe ngo-10 ebusuku, nokuthe esezongena esangweni, kwavumbuka abalisa abangaziwa bamdubula. Imbangela yalokhu kubulawa ayikaziwa okwamanje. Amaphoyisa asevule icala lokubulala esiteshini samaphoyisa Ekuvukeni, kanti uphenyo lusaqhubeka.

Read More

UMPHAKATHI WASESAHLUMBE UKHALA NGOMGWAQO OBEKA IZIMPILO ZABANTWANA BESIKOLE ENGOZINI

Njengoba izikole zivuliwe eMnambithi, abafundi abancane baseSahlumbe eMsusampi, ngaphansi kukaMasipala wase-Alfred Duma, basaqhubeka nokusebenzisa umgwaqo oyingozi oqoshwe entabeni eduze kakhulu noMfula uThukela. Lo mgwaqo, oke wathatha izimpilo zezingane eminyakeni edlule, usasetshenziswa ngisho izingane ezineminyaka emihlanu uma ziya esikoleni ekuseni.Lo mgwaqo oyisihlabathi, ohamba eduze komphetho womfula, awunazo izivikelo futhi awunamgwaqo wabahamba ngezinyawo. Amajika abukhali kanye nokudilika…

Read More

URAMAPHOSA EZINHLELWENI ZOKUJUBA AMASOTSHA AKULELI UKULWA NOBUGEBENGU

UMongameli uCyril Ramaphosa uhlongoza ukuthunyelwa kwe-South African National Defence Force (SANDF) ezindaweni ezinobudlova bamaqembu ezigebengu njengoba uhulumeni eqinisa imizamo yokubuyisela umthetho nokuhleleka emiphakathini ekhungethwe ubugebengu. Lesi sinyathelo silandela ukwanda kokudubulana okuhlobene namaqembu, ukuphanga kanye nokuthengiswa kwezidakamizwa, ikakhulukazi ezingxenyeni zaseNtshonalanga Kapa nakwezinye izindawo zasemadolobheni, lapho izinsiza zamaphoyisa zingaphansi kwengcindezi enkulu. Imiphakathi ibilokhu icela ukungenelela kombuso njengoba…

Read More

INHLANGANO ISANCO IKLOMELISE OTHISHA ABENZE KAHLE ESIKOLE IJOSEPH SHABALALA HIGH SCHOOL EMNAMBITHI

Inhlangano iSouth African National Civic Organisation (SANCO) iklomelise othisha abayisikhombisa abenze kahle kakhulu esikoleni samabanga aphezulu saseMnambithi iJoseph Shabalala High School. UMgqugquzeli walenhlangano esifundeni uThukela ophikweni lwabesifazane uPhiwo Ndaba uthe lokhu bakwenze ngenhloso yokukhuthaza labo thisha nabanye ukuthi baqhubeke basebenze kanzi ukuze kuthuthuke lesi sikole. Lesi sikole sikwazile ukwenyusa imiphumela yaso kamatikuletsheni nyakenye isuka ku…

Read More

UMENGAMELI U-RAMAPHOSA UFUNA IFAKELWE IZIBUKO INDABA YEZOKUPHEPHA KWEZIMOTO EZITHUTHA IZINGANE ZESIKOLE

UMengameli uCyril Ramaphosa usememezele izinhlelo zokuyalela uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo ukuthi uhlonze izindlela zokwenza ngcono ukuphepha kwezokuthutha abafundi eNingizimu Afrika yonkana. Lesi simemezelo silandela ingozi enyantisayo eyenzeke eVanderbijlpark ekuqaleni kwaleli sonto lapho abafundi abangu-12 balahlekelwa khona izimpilo zabo. Imibiko yokuqala ikhomba ukuthi ikhumbi ebithwele abafundi izame ukudlula emgwaqeni omncane yashayisana neloli. Izithombe ze-Dashcam zibonisa ikhumbi ihamba…

Read More

AMAPHOYISA ASEZAKHENI ABOPHE ABABILI EBATHOLA NEZIBHAMU

Baboshwe yi-Ezakheni Visible Policing Unit kanye neLadysmith K9 Unit ngemuva kokusebenza ngolwazi oluhlinzekwe ngumphakathi. Ukusesha endaweni esesiGcemeni sakwa-E kuholele ekutholakaleni kwezibhamu ezintathu nezinhlamvu. Abasolwa bazobhekana necala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu, kanti izibhamu ezitholiwe zizohlolwa ukuze kubonakale ukuthi azisetshenziswanga yini ebugebengwini. Ibamba likaKhomishana wesiFunda sasoThukela uBrigadier ZO Kunene uncome la maphoyisa ngesenzo sawo esisheshayo…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved