Abafundi base uMnambithi TVET College,edolobheni uMnambithi bavuke umbhejazane babhikisha ,ngaphandle kwamasango alelikolishi ngoLwesibili ekuseni, mhla zingu 18 kuNcwaba.
Kume nse ukufunda nokufundisa, labafundi bezwakalisa izikhalazo zabo, okubalwa kuzo izinkinga ezihlobene nemali yeNSFAS, izindawo zokuhlala kanti abanye babafundi bakhala ngokuthi basengcupheni yokuxoshwa ezindaweni abahlala kuzo ngenxa yokuthi abakhokhile .
Amaphoyisa afikile ukuzoqapha isimo nokuqinisekisa ukuthi kunokuthula nokuphepha.
Abafundi bafuna izikhalazo zabo zilalelwe futhi kutholakale izixazululo ezinkingeni ababhekene nazo.
