Iqembu iMarch and March selibeke umhla ziyi-30 kuMandulo 2026 njengosuku lokugcina elithi abantu bakwamanye amazwe abangenazo izimvume ezisemthethweni kufanele babe sebephumile eNingizimu Afrika.
Leli qembu limemezele lolu suku ngoMsombuluko, mhla ziyi-17 kuNcwaba, ngesikhathi libhikisha eThekwini ngesikhathi seSADC Summit yesi-46.
Liholwa nguJacinta Ngobese-Zuma, kanti izindimbane zabantu zibabambe iqhaza kule mashi ngaphansi kwesiqubulo esithi “It’s time to fetch your people.”
Leli qembu lifuna ukuthi kube nokubuyiselwa ngobuningi kwabantu bakwamanye amazwe abangekho emthethweni, kuqiniswe ukulawulwa kwama-visa, kubuyekezwe izinqubomgomo zokukhoselisa kanye nokuthathwa kwezinyathelo kubaqashi abaqasha abantu abangenazo izimvume.
Liphinde lanxusa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi babike abantu abangekho emthethweni kanye nobugebengu emaphoyiseni.UMengameli Cyril Ramaphosa useke wakugxeka ukuphathwa kabi kwabantu bakwamanye amazwe, wathi iNingizimu Afrika kufanele ibe namahloni ngezenzo zokubahlukumeza.
Ngesikhathi uhulumeni uthi abantu abangaphezu kuka-100 000 abangekho emthethweni sebebuyiselwe emazweni abo, iMarch and March ithi lokho akwanele.
Leli qembu lithi imashi kaMandulo izoba “umama wayo yonke imibhikisho”, futhi lithembisa ukuqhubeka nemashi njalo ngoLwesine kuze kufezeke izimfuno zalo.
