Abalaphi bendabuko abangaphezu kuka-20 baseMnambithi bathole uqeqesho lokuqala lweTraditional Primary Health Care, oluthathe isonto lonke esikhungweni esiqeqesha abalaphi bendabuko.Usihlalo wabalaphi bendabuko e-Alfred Duma, uProf. Bhutiza Sibiya, uthi lolu qeqesho lubaluleke kakhulu kubo njengoba izikhathi zishintsha nemithetho yezwe iqhubeka nokuguquka.
USibiya uthi kubalulekile ukuthi abalaphi bendabuko nabo baqhubeke nokufunda nokuthuthukisa ulwazi lwabo ukuze bakwazi ukusebenza ngendlela ehambisana nezinguquko.Umgqugquzeli wabalaphi bendabuko oThukela, uProf. Nkayiso Makhoba, uthi abaphothule lolu qeqesho bazothola izitifiketi eziqinisekisa ukuthi basiphothulile isigaba sokuqala seTraditional Primary Health Care.
UMakhoba unxusa bonke abalaphi bendabuko ukuthi baphumele obala futhi basebenzise amathuba okuqeqeshwa atholakala ezinhlanganweni nasezikhungweni ezahlukene ezifuna ukubasiza ekuthuthukiseni ulwazi namakhono abo.
