Umndeni ucela usizo emphakathini ekutholeni uSthethemba Majola, oneminyaka engu-18 ubudala, ongumfundi kaGrade 12 eDr Joseph Shabalala High School.
USthethemba ugcine ukubonakala ngemuva kokuphuma esikoleni, kanti kusukela lapho akakafiki ekhaya. Kubikwa ukuthi ugcine ukubonakala edolobheni laseLadysmith, futhi umndeni ukholwa ukuthi kungenzeka ukuthi usesedolobheni.
Ngesikhathi egcina ukubonakala ubegqoke:
• Ama-flop apinki
• I-tight emnyama
• Ephethe iVans ne-Ellise
Umndeni ukhathazeke kakhulu futhi ucela noma ngubani onolwazi ngokuthi ukuphi uSthethemba ukuthi asize ngokushesha.
Xhumana: 073 040 4659
Ugogo: 065 936 0003
Sicela wabelane ngalolu daba ukuze lusabalale futhi lusize ekutholeni uSthethemba abuyele ekhaya ephephile.
