I-March and March Movement isihlele imashi kanye nokubhikisha ngaphandle kwendawo okuzobanjelwa kuyo iNgqungquthela ye-SADC eThekwini, ngaphansi kwesiqubulo esithi βItβs Time to Fetch Your People.β
Le nhlangano ithi le ngqungquthela, ebanjwa eThekwini kusukela mhla ziyi-16 kuya kumhla ziyi-17 kuNcwaba 2026, iyithuba lokuthi iphinde iphakamise izikhalo zayo mayelana nokufika kwabantu bakwamanye amazwe eNingizimu Afrika ngokungemthetho.
Le nhlangano ifuna ukuthi amazwe ase-Afrika abambisane ekuqinisekiseni ukuthi abantu bakwamanye amazwe abangekho ngokusemthethweni eNingizimu Afrika babuyiselwa emazweni abo. Iphinde yathi ifuna ukubona kuthathwa izinyathelo zokubhekana nobugebengu nokuvikela izakhamuzi.
I-March and March iphinde yanxusa i-SAPS ukuthi ibuyekeze umyalelo kazwelonke owakhishwa ngoNtulikazi 2026, ethi lo myalelo awuhambisani nezibopho zamaphoyisa nezakhamuzi.
Le nhlangano inxusa abantu ukuthi bangazithatheli umthetho ngezandla, kodwa babike ubugebengu emaphoyiseni nakwezinye izinhlaka zomthetho.
I-March and March iphinde yathumela amazwi enduduzo emndenini kaBaba Mageza waseNanda, eThekwini, obulawe ngemuva kokukhuluma ngezinkinga eziphathelene nabantu bakwamanye amazwe.
