UMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho, Ezokuvakasha Nezemvelo ubambisene noMasipala wase-Alfred Duma kanye noMasipala Wesifunda uThukela ubambe isithangami esihlanganise abanikazi bezindawo aziwa njengama-Bed and Breakfast (B&B), eMnambithi nasezindaweni eziseduze.
Lesi sithangami besibanjelwe eTown Hall eMnambithi, ngenhloso yokuhlomisa osomabhizinisi abasemkhakheni wezokuvakasha ngolwazi namasu okuqinisekisa ukuthi izindawo zabo zokuhlala zisezingeni futhi ziyakwazi ukuheha izivakashi.
Phakathi kwezihloko okuxoxwe ngazo kubalwa ukugcinwa kwezindawo zabo zisezingeni, ukuvikelwa kwesithunzi salomkhakha, ukuguquguquka kwesimo sezulu, kanye nezinye izinselelo namathuba ezithinta umkhakha wezokuvakasha.
UMnyango uthi umkhakha wezindawo zokuhlala nezokuvakasha unamathuba amakhulu okukhula nokufaka isandla ekuthuthukiseni umnotho waseMnambithi.
Ugcizelele ukuthi kubalulekile ukuthi osomabhizinisi baqhubeke nokuthuthukisa amasevisi abo futhi bahambisane namazinga adingekayo ukuze bakwazi ukuncintisana nokudonsa izivakashi eziningi kule ndawo.
