KUJABULE ABALANDELI KUVELA UKUTHI SEBESEBENZA NDAWONYE FUTHI ABEBENGASABHEKANI
Bahluleke nokuzibamba abalandeli bezingqalabutho zikaMaskandi uShwi noMtekhala ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi basebenza ndawonye ukuze bakhiphe umculo omusha. Lokhu kudalulwe uShwi ekhasini lakhe lakuFacebook. UShwi ubhale kanje, “Kukhona Into esiyiphekayoaphinde abuya futhi lawo madoda, Khehla lenyoni noGolog’obovu. Anisasazi senisizwa ngendaba. Kulonyaka kukhulu okuzayo Uzozw ngetshe njengenyoni.” Uzokhumbula ukuthi laba baculi bake baxabana kwamanzi phansi, okuze kwadala…

