Cishe abantu abangu-80 abebeyingxenye yemashi elwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho bagcinwe esiteshini samaphoyisa eGreytown ukuze babuzwe ngemva kokuba imashi ebibanjelwe eKranskop iphenduke udlame.
Ngokwemibiko yokuqala, izitolo zaphangwa kwathi abantu bokufika abathathu balimala ngesikhathi kuqubuka isiphithiphithi. Ababili balabo abalimele bathole usizo esibhedlela, kanti owesithathu usafunwa.
Ngemuva kwesigameko, kubikwa ukuthi ababhikishi bagibela ibhasi beya eGreytown. Amaphoyisa amisa ibhasi emgwaqweni uR74 ngenhloso yokuphenya ngalesi sigameko.
Uphenyo lokuqala luveza ukuthi abantu bokufika abalimale kungenzeka ukuthi baseNingizimu Afrika ngokusemthethweni, nakuba uMnyango Wezasekhaya usazoqinisekisa isimo sabo sokuhlala kuleli. Amaphoyisa aphinde aphenye nezinsolo zokuthi omunye wabahlukunyeziwe waphucwa imali ngesikhathi sodlame.
Amaphoyisa agcizelele ukuthi imibhikisho kufanele yenziwe ngokuhambisana nomthetho, axwayisa ngokuthi izakhamuzi azivunyelwe ukwenza imikhankaso yokungena emizini, ukumisa abantu noma ukubopha abantu njengoba lowo ngumsebenzi wezikhungo zomthetho kuphela.
