Sekuzoba umlando ukusweleka kwamanzi emphakathini waseCacaneni, kuWard 2 ngaphansi kukaMasipala waseNkandla. Lokhu kulandela ukwethulwa.Kwethukwe ngokusemthethweni umsebenzi wokwakhiwa kwengqalasizinda yamanzi kuwadi 2 ngapahsni kwamasipala waseNkandla,uMeya waseKing Cetshwayo District Municipality, ukhansela S.Z. Dlamini uthi uMasipala utshale imali engu-R7.2 million kulo msebenzi, okulindeleke ukuba uhlomulise imizi engaphezu kuka-65 ngamanzi ahlanzekile naphephile.
Lomsebenzi uhlanganisa ukulungiswa kwesiphethu, ukwakhiwa kwedamu elincane, ukufakwa kwesigcinamanzi esingu-50kl kanye nokwakhiwa kwendawo yokuhlanza amanzi.Ekhuluma nomphakathi ngesikhathi kwethulwa lomsebenzi, uMeya uDlamini ugcizelele ukuthi lo msebenzi uyisinyathelo esibalulekile sokubuyisa isithunzi nokuthuthukisa izimpilo zabantu baseCacaneni.
