Kugqame izingane ezifunda ezikoleni zasemakhaya emncintiswaneni obuhlelwe Umasipala wase-Alfred Duma wokupela amagama esiZulu nesiLungu iSpelling Bee Mega Competition Challenge eLadysmith Civic Hall.
Lo mncintiswano uyingxenye yemizamo kamasipala yokukhuthaza ukufunda nokubhala, ukwakha isiko lokufunda kanye nokunika abafundi ithuba lokukhombisa amakhono abo olimini nasekupeleni amagama.
Esigabeni sesiZulu, uSebenele Thwala wase-Ekuphumuleni Primary School uthole indawo yokuqala, walandelwa uLwazi Macu waseVeyisi Primary, uSamukelo Buthelezi waseLangalethu Primary, uSiyathokoza Sithole wase-Oqungwini Primary kanye noThembeka Njoko waseUmbulwane Primary.
Esigabeni sesiNgisi, uAbdul Ghani Muhammad ofunda e-Islamic Educational Centre uphume phambili, kwathi u-Abenathi Sithole waseHemilton waba ngowesibili. UVeehaan Ramdharee waseEgerton wathola indawo yesithathu, walandelwa uNokulunga Khanyi waseLubelo Primary noSithole Okuhle waseNhlonhlweni Primary.
Lo mncintiswano uveze ithalente labafundi basezindaweni ezahlukene ezakhele lomaspala futhi wakhuthaza ukubaluleka kolimi nemfundo.
