ICongress of South African Students (COSAS) yethule imemorandamu yezimfuno eSteadville Secondary School, igxile ekuphepheni kwabafundi, ekuziphatheni kwabasebenzi kanye nasekubandakanyekeni kwabafundi ezindabeni zesikole.
Le nhlangano ithi ithole izikhalo eziningi kubafundi, okuhlanganisa nezinsolo zokuziphatha ngendlela engafanele kwabanye othisha nonogada beskole. I-COSAS igcizelele ukuthi lezi yizinsolo kumele ziphenywe, uma kukhona abenze okuphambene nomthetho bajeze ngendlela efanele.
Lezi zicelo ziza ngemuva komunye wothisha baleskole eboshiwe emva kwezinsolo zokunukubeza umfundi ngokocansi. I-COSAS ithi ayifuni ukuphazamisa uphenyo lwamaphoyisa noma izinqubo zenkantolo, kodwa ifuna isikole sichaze ukuthi sibavikela kanjani abafundi.
Le nhlangano ifuna izikhalo zabafundi ziphathwe ngendlela efanele, kube nezindlela ezicacile zokubika izinkinga, kuvikelwe abafundi ekwesatshisweni noma ekuziphindiseleleni, futhi banikwe usizo ngokwengqondo lapho kudingeka.
I-COSAS iphinde yafuna ukuthi isikole sibuyekeze udaba lokugqokwa kwamabhulukwe njengengxenye yomfaniswano emantombazaneni, sivumele abafundi ukuthi bahleleke ngokusemthethweni futhi sibe nengxoxo eqhubekayo nabamele abafundi.
Le nhlangano ifuna impendulo ebhaliwe evela kubaphathi besikole.
