Ube yimpumelelo umcimbi weMpilonhle Organisation, inhlangano egxile ezindabeni zezempilo ikakhulukazi emphakathini we-LGBTQI+, obizwa ngePride Flag Tour. Lo mkhankaso obubanjelwe emahhovisi eMpilonhle eMnambithi uhambisa ifulege le-LGBTQI+ ezifundeni ezahlukene zaseNingizimu Afrika, lapho lifike lisayinwe ngabantu ukuze baqinisekise ukuzibophezela kwabo ekuthandeni, ekunakekeleni nasekuhlonipheni amalungu alo mphakathi.
NaseMnambithi leli fulege lifike lasayinwa ngabantu abaningi abebefuna ukukhombisa ukweseka kwabo nokuzibophezela ekwakheni umphakathi ongenalo ubandlululo nokucwaswa.
Umcimbi ubuhanjelwe abamele izinhlaka zikahulumeni, umphakathi kanye nezinhlangano ezahlukene. Bekukhona abamele uMnyango Wezempilo, uMasipala, uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi, iSANCA, iThe Aurum Institute, abaholi bezenkolo, abafundi nezinye izinhlangano zomphakathi.





EMnambithi, lo mcimbi uphinde waba yithuba lokukhumbula asebashona, ukuphulukisa amanxeba nokugcizelela isidingo sezempilo esitholakala kalula, enesithunzi futhi engenalo ubandlululo.
