UKhansela u-Abbass Warasally, obengomunye wabaholi abanihlonze kwi-IFP e-Alfred Duma, umangaze abaningi evumbuka ohlwini lokhetho leqembu elisha i-Abantu Bethu Congress Democracy (ABCD) ngaphansi kwawo loMaspala.
UWarasally njengamanje uyikhansela le-IFP likaWard 20 ngaphansi kukaMasipala wase-Alfred Duma. Ubengomunye wabebegaqele ukukhethwa yi-IFP ukuze aphinde amele leli qembu kulewadi okhethweni lohulumeni basekhaya oluzayo, kodwa i-IFP yaseWard 20 yakhetha uMthokozisi Sithole njengozoyimela.
Ukungaveli kukaWarasally ohlwini lwe-IFP kubonakale sekudale ushintsho kwezombusazwe zakule ndawo, njengoba manje esevele ohlwini lwe-ABCD, iqembu elisha elisanda kusungulwa nguSabelo Sithole.
USabelo Sithole, ongusotshwebhu e-Alfred Duma, naye usanda kushiya i-Abantu Batho Congress (ABC), ekhungethwe yizinkinga zangaphakathi, wasungula i-ABCD.
Ohlwini lwe-ABCD, uSabelo Sithole ubekwe kunombolo yokuqala, kwathi uWarasally wabekwa kunombolo yesibili.
Akukacaci noma uWarasally wesululile njengelunga leNkatha ngokusemthethweni noma cha.
