Abafundi abangaphezu kweshumi bakaMatikuletsheni baseNdalela High School eBurford bakuphikile ukuthi baphoqwa ukuya emhlanganweni wokukhetha ikhansela le-IFP, uMnu Mthokozisi Khoza, ongusihlalo wekomidi elengamele isikole (SGB).
Lokhu kuvele emhlanganweni obuhlanganise abazali, uthishanhloko, amalungu e-SGB, izinduna kanye nothisha. Uthishanhloko uthe akulona iqiniso ukuthi wakhipha abafundi emagunjini okufunda ukuze bayovota, eveza ukuthi wayengekho esikoleni ngalolo suku kodwa wathola ucingo oluvela ekhanseleni olucela abafundi.
Okhulumele abafundi uthe abaningi babo sebeneminyaka ebavumela ukuthi bazenzele izinqumo zabo, futhi baya emhlanganweni ngokuzithandela njengamalungu e-IFP. Uthe akukho noyedwa owabaphoqa noma owabesabisa.
Induna yakwaGodi, uMnu Khumalo, ithe abazali kufanele bakhuze amaqembu ezepolitiki uma efika ezikoleni ezokwethula izinhlelo zawo, kunokuba bakhale uma abafundi sebethathe izinqumo zabo.
Nokho, abanye abazali ngaphandle kwesikole bazwakalise ukungagculiseki, bethi izingane zabo zabuya ziphethe amakhadi e-IFP ngaphandle kokwazi ukuthi enziwa kanjani. Omunye umzali uvumile ukuthi izingane zakhe zaya emhlanganweni, kodwa enye yazo yathi ayizange ilenze ikhadi nakuba yayikhombisa elinye.
