UMasipala wasifunda iKing Cetshwayo uyaqhubeka nokuqinisa ukusebenzisana phakathi kwawo nobuholi bendabuko ngenhloso yokubhekana nenselelo yokuhlinzekwa kwamanzi ezindaweni ezahlukene ngaphansi kwesifunda eKing Cetshwayo.
uSomlomo womkhandlu uKhansela S.H. Mkhwanazi, uhlangane noMkhandlu weNkosi uMthiyane eMambuka, ngenhloso yokudingida izinselelo zokuhlinzekwa kwamanzi ezithinta u-ward 17 ngaphansi kukaMasipala waseMfolozi.
USomlomo uchaze kabanzi ngezinhlelo umasipala weseKing Cetshwayo osuzifakile eziqhubekayo okufaka phakathi ukulungiswa kwe-Mkhize Dam Project kanye nengqalasizinda ekhona nokubekwe eceleni u-R22 million.
Uhlelo lokuvuselela iMambuka Water Treatment Works. Le misebenzi ihlose ukuqinisa ukutholakala kwamanzi nokuhlinzeka imiphakathi ngamanzi athembekile aphuma empompini nsuku zonke.
