INkantolo Ephakeme Yokwedlulisa Amacala (SCA) isichithile isicelo senkampani i-RASP sokufuna imvume yokwedlulisa icala elihlobene nezigidi zamarandi ezakhishwa ngokungekho emthethweni kwi-akhawunti kaMasipala Wesifunda uThukela.
Lokhu kulandela isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu esayalela i-RASP ukuthi ibuyisele imali eyayiyikhiphe ngokungemthetho kwi-akhawunti kamasipala.
Kuthiwa i-RASP yayithole umyalelo wenkantolo wokunamathisela imali kwi-akhawunti kamasipala ngemuva kokuthi uThukela lwehlulekile ukukhokha imali eyayigunyazwe yinkantolo. Nokho, esikhundleni sokulandela umyalelo wenkantolo kuphela, inkampani kuthiwa yakhipha enye imali eyengeziwe engu-R82 million ngaphandle kwemvume.
Udaba lwabuyiselwa eNkantolo eNkulu ukuze luphinde luhlolwe, lapho inkantolo yanquma khona ukuthi i-RASP yeqe imingcele yesivumelwano esikhona.
Inkantolo yaphinde yathola ukuthi izenzo ze-RASP bezingalimaza kakhulu ukusebenza kukaMasipala Wesifunda uThukela futhi ziphazamise izinsiza ezidingwa yizinkulungwane zabahlali abancike kuwo.
Ngokwenqaba kwe-SCA ukunikeza imvume yokwedlulisa icala, isinqumo seNkantolo eNkulu saseMgungundlovu sihlala simi, okusho ukuthi i-RASP isalokhu ibhekene nesibopho sokubuyisela le mali.
