Abafundi abafunda i-Electrical Engineering e-UMnambithi TVET College, e-Ezakheni A Campus, baqhubekile nombhikisho ngaphandle kwamasango esikhungo namuhla, nokuyisiteleka esesingene osukwini lwaso lwesithathu.
Lo mbhikisho uqale ngoMsombuluko njengoba abafundi bekhala ngokushoda kwezinsiza zokufunda nezokwenza ama-practical adingekayo ezifundweni zabo. Bathi isikhathi siyahamba kanti nonyaka usugamanxe, kodwa imishini nezinto zokusebenza abazidingayo azikafiki.
Abafundi baveze ukuthi ukungabikho kwalezi zinsiza kuphazamisa ukufunda kwabo futhi kubabeka engcupheni yokungaqedi kahle izifundo zabo.
Bathe bazoqhubeka nokuvala amasango esikhungo nokubhikisha kuze kube yilapho izidingo zabo sezifeziwe futhi behlinzekwe ngezinsiza abazidingayo ukuze baqhubeke nezifundo zabo ngendlela efanele.
Kuze kube manje, akukabikwa ngokuthi abaphathi besikhungo sebewuphendulile yini lo mbhikisho noma sebeqalile yini izingxoxo nabafundi.
