Kuboshwe abantu abayisishiyagalolunye eNewcastle,ngcala lokudayisa ngokungemthetho imishanguzo ekhishwa ngencwadi kadokotela ethengiswa ngokungemthetho.
Laba baboshwe ngesikhathi amaphoyisa enza umsebenzi obubhekene nokudayiswa ngokungemthetho kwemithi edinga incwadi kadokotela kanye neminye imithi elawulwayo.
Lomsebenzi wenziwe enkabeni yedolobha laseNewcastle, lapho iziphathimandla nabomthetho bethole imithi engabiza imali icishe ibize u-R1 million endaweni eyodwa.ISouth African Health Products Regulatory Authority kanye noklebe baqale uphenyo lwabo ngemuva kokulunywa indlebe ,ngokuthengiswa kwemithi ngokungemthetho ezitolo ezincane endaweni.I-SAHPRA ithe abasolwa namabhizinisi abebandakanyekayo bebengenazo izimvume ezidingekayo ukuze badayise noma banikeze umphakathi lemithi.
