UMeya kaMasipala waseMfolozi uKhansela uXolani Bhengu udlulisele ngokusemthetweni emphakathini umgwaqo iNtobozi Access Road ku ward 18 osukwini lwayzolo.Ethula lomgwaqo uthe uveze ukuthi intuthuko yomphakathi ayipheli futhi okusuke kuceliwe akwenzeki ngesikhathi esisodwa.
uPhinde wachazela umphakathi nangokuhlukana kwemisebenzi yezinhlaka zontathu zikahulumeni ukuze abantu bazi ukuthi yimuphi umsebenzi kahulumeni wasekhaya, owesifundazwe nokazwelonke.
Umeya ubehambisana nephini leMeya uKhansela uTimothy Biyela, amakhansela nabasebenzi bakaMasipala beholwa iMenenja kaMasipala uMnuz Fred Mazibuko.
