Amaphoyisa amabili esifazane eMnambithi adlale indima ebalulekile ophenyweni lwecala lodlame oluyamaniswa nobulili (GBV).Leli cala laqala mhla zi-2 Agasti 2026, ngesikhathi owesifazane oneminyaka engu-30 ubudala ehlaselwa edlwengulwa yisoka lakhe Embulwane.lowesifazane walimala kanzima kwaze kwadingeka ukuthi ahlinzwe,ngoba kuvela ukuthi wadlwengulwa kusetshenziswa into engathi iyinduku.
Amaphoyisa eMnambithi abe ese vula icala lokuzama ukubulala nelokudlwengula, lokhu kuza nje owesilisa oneminyaka engu-34 ubudala waboshwa mhla zi-5 Agasti yiLadysmith Task Team,Uvele eNkantolo kamantshi muva nje kanti usagcinwe esitokisini njengoba isicelo sakhe sebheyili siphikiswa.
Uphenyo lusingathwa yi-SAPS FCS Unit yaseMnambithi, kanti uSergeant Shalona Dubree noConstable Sinenhlanhla Khumalo bangamanye amaphoyisa aphenya leli cala.Amaphoyisa anxusa izisulu ze-GBV ukuthi zingathuli, zifune usizo futhi zibike udlame emaphoyiseni.
