IMeya kaMasipala wase-Umuziwabantu kwisifunda Ugu, uKhansela L.S. Zungu, ihloniphe othisha abaphumelele kakhulu ezifundweni zabo, igcwalisa isithembiso eyasenza kubo.
Lomcimbi ububanjelwe eCouncil Chamber kamsipala namhlanje, lapho othisha, izikhulu zikamsipala, kanye namakhansela behlangene khona ukuzobungaza impumelelo kwezemfundo.IMeya uZungu ihalalisele bonke othisha abahlonishwe futhi yabakhuthaza ukuthi baqhubeke nokusebenza kanzima ukuze kuthuthukiswe imiphumela yabafundi.
UMasipala ubaluleke ukuthi uyawubonga umsebenzi nokuzinikela kothisha ekufundiseni nasekulolongeni ikusasa lentsha.
