I-Harry Gwala Development Agency kumasipala iHarry Gwala, ngokubambisana neGateway City College, yethule iLabour Activation Programme eMzimkhulu ngomhlaka-21 Agasti 2026.
Lolu hlelo luzosiza intsha engasebenzi engu-140 evela ezindaweni ezahlukene kuHarry Gwala District ukuthi ithole amakhono ezolimo angayisiza ekutholeni imisebenzi noma ekuqaleni amabhizinisi.
USekelaMeya uCllr TN Jojozi ukhuthaze abafundi ukuthi bazimisele futhi basebenzise amakhono abawatholayo ukuze bazakhele amathuba omsebenzi futhi basize nabanye.Lolu hlelo lusekelwa omasipala bendawo kanye noMnyango wezoLimo eHarry Gwala.
