Amadoda abe nesithangami ehholo lomphakathi eDondotha kuMasipala waseMfolozi oholwa uMeya uKhansela Xolani Bhengu, lapho ekhulume khona ngezingqinamba amadoda abhekana nazo ezimpilweni nalapho ephila khona.Kulesisthangami kugqugquzelwe amadoda ukuba ahlale phansi nezingane zabafana azifundise ubudoda.
Kulesi sithangami bekukhona nezinhlaka ezehlukene okukhona kuzo abeMpilonhle abebehlinzeka amadoda ngosizo lwezempilo, aboMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kanye nabenhlangano eyengamele ukhetho kuleli i-IEC
Kulomhlangano amadoda abalule ukuthi ayahlukunyezwa emakhaya, abukelwa phansi futhi noma ebhekene nenkinga kunenkoleloze yokuthi indoda ayikhali kanti aphinde adingida nokungabi khona kwamathuba omsebenzi nokuthi kumele kwenziwe njani ukuze bakwazi ukuphila ngaphandle kokuqashwa kanti futhi bakhulume nangobubi bokugxila kakhulu ophuzweni
