Amanye amalungu omphakathi e-Acaciavale kuWard 20,ngaphansi kukamasipala waseAlfred Duma athi akhathazekile ngemuva kokutholakala kwamatshe amakhulu ebekwe emigwaqeni ebusuku,lokhu sekudale ukuthi babe novalo lokuthi lokhu kungaba ugibe lokudunwa kwezimoto.
Lamatshe kubikwa ukuthi abonakala ebekiwe phakathi nomgwaqo ezindaweni ezahlukene, ebusuku. Lokhu sekudale ukukhathazeka kubahlali nakubantu ababamba iqhaza ekuqinisekiseni ukuphepha endaweni.Lamalungu omphakathi athi asola ukuthi la matshe angase abekwe ngenhloso yokuphoqa abashayeli ukuthi behlise ijubane noma bame, bese beba yizisulu zobugebengu.
Ikhansela leWard 20 uKhansela uAbbas Warasally naye sexwayise abashayeli ukuthi baqaphele kakhulu uma beshayela ebusuku, lathi okwamanje akwaziwa ukuthi kungani la matshe ebekwa emgwaqeni.Abashayeli bayacelwa ukuba baqaphe, bagweme ukuma ezindaweni ezingenabantu futhi babike noma yikuphi ukuziphatha okusolisayo.
