Abafundi ababili baseMatiwane, uHlelolwenkosi Kubheka oneminyaka engu-13 kanye noNaledi Sithole oneminyaka engu-12, baphume isithathu emncintiswaneni we-Quiz ohlelwa uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.
Laba bafundi abafunda uGrade 7 eNkosi Nhlangansiso Primary School baqale ngokuncintisana eMnambithi, lapho bephumelela khona badlulela emncintiswaneni owawuseThekwini ngoLwesine.
Bathi kujabulise kakhulu ukubamba iqhaza kulo mncintiswano, yize bekubuye kube yinselelo ngoba bengawajwayele kakhulu ama-computer. Baphumelele ukuphendula imibuzo abanikezwe yona base begcina bephesheya isikhundla sesithathu.
UHlelolwenkosi uthi ufisa sengathi isikole sabo singaba nama-computer ukuze abafundi bakwazi ukufunda ukuwasebenzisa futhi bathuthukise amakhono abo.
Uthe ngonyaka ozayo uzofunda eMasoyi Secondary School eMatiwane, lapho ethi kukhona khona ama-computer, ukuze aqhubeke nokufunda nokubamba iqhaza emincintiswaneni ye-Quiz esebenzisa ubuchwepheshe.
