Amaphoyisa omgwaqo obekuzungeza umbukiso wawo oqoshiwe eshaya umshayeli weloli kuN4 ngaseKomatipoort eMpumalanga izolo ayaphenywa ngesenzo sawo.
Lamaphoyisa abeliqulu abonalaka ebhaxabula kanzima lomshayeli ongowokudabuka eMnambithi kwaHlathi kulombukiso,kubikwa ukuthi awagcinanga lapho kodwa aze amufaka neshubhu maqede akhipha umoya emasondweni eloli lakhe, imbangela ayaziwa.
UNgqongqoshe wezokuphepha komphakathi eMpumalanga MEC uJackie Macie, usigxekile lesisenzo wathi amaphoyisa kungumsebebzi wawo ukugcina umthetho ngaso sonke isikhathi hhayi ukuwephula.
UMacie uthi uyakuqinisekisa ukuthi uphenyo ngalesehlakalo seluqaliwe,kuzobe sekuthathwa izinyathelo ezifanele uma sekuqediwe.
