Inhlangano engenzi nzuzo i-Al-Mdaad isukumele ukusiza umphakathi waseZakheni ngokuwuhlinzeka ngamanzi, kulandela inkinga yokunqamuka kwamanzi ebhekene nezinye izindawo.
Ikhansela likaWard 2 eZakheni, uSiphiwe Zwane, lithe kunenkinga enkulu yokungabikho kwamanzi ikakhulukazi endaweni yama-One Room.
UZwane ubonge kakhulu ukufika kwenhlangano i-Al-Mdaad namaloli amanzi, wathi usizo lwayo lufike ngesikhathi esifanele njengoba umphakathi ububhekene nosuku olunzima.
Uthe abantu bebedinga kakhulu amanzi ukuze bakwazi ukuwasha nokwenza eminye imisebenzi yasemakhaya, kanti abanye bebenemicimbi eyahlukene ebidinga ukusetshenziswa kwamanzi.
Inhlangano i-Al-Mdaad ithi isazimisele ukuqhubeka nokulekelela imiphakathi ebhekene nobunzima, ikakhulukazi lapho kunenkinga yokushoda kwamanzi.
